1. “Kungani ukuba uSomandlaangazibekeleli izikhathi zokwahlulela,abamaziyo babone imihla yakhe, na?
2. Imincele iyasuswa;bahlwitha imihlambi, bayiklabise.
3. Bamukisa imbongolo yezintandane,nenkomo yomfelokazi bayayithatha ibe yisibambiso.
4. Bafuzula abaswelayo endleleni;abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.
5. Bheka, njengezimbongolo ehlanebayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla;ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.
6. Emasimini bavuna ifoliji;*bakhothoza esivinini somubi.
7. Ebusuku balala nqunu bengenangubo,bengenanto yokuzisibekela emakhazeni.
8. Bamanzi ngezihlambi zasezintabeni;basingatha idwala bengenasiphephelo.
9. Intandane ihlwithwa ebeleni,nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,
10. bahambe nqunu bengenangubo,bethwele izithungu, belambile.
11. Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi;banyathela izikhamo zewayini,kepha bayoma.
12. Bexoshwe emzini abafayo bayabubula;imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala,kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.
13. “Bakhona abakuhlubukile ukukhanya;abazi indlela yakho,abanamatheli emikhondweni yakho.
14. Umbulali uvuka ekuseni,abulale ompofu noswelayo;ebusuku unjengesela.
15. Iso lesiphingi libheka ukuhlwangokuthi: ‘Malingangiboni iso,’sisithe ubuso baso.
16. Bafohla izindlu sekumnyama;emini bayazivalela;ukukhanya abakwazi.
17. Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa,lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.
18. “Banejubane ebusweni bamanzi;izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni;abasayikuphendukela endleleni yezivini.
19. Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa;kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.
20. Isizalo siyamkhohlwa;izimpethu ziyamsobozela;akasayikukhunjulwa;ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.
21. Uyayidla inyumba engazaliyo;akenzeli umfelokazi okuhle.
22. Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe;uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.
23. UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe;kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.
24. Bayaphakanyiswa;emva kwesikhashana abasekho;bayaphela njengabanye, bafe;babuna njengezihloko zezikhwebu.
25. “Uma kungenjalo,ngubani ongangenza onamanga,awenze ize amazwi ami, na?”