Izahluko

  1. 1
  2. 2
  3. 3
  4. 4
  5. 5
  6. 6
  7. 7
  8. 8
  9. 9
  10. 10
  11. 11
  12. 12
  13. 13
  14. 14
  15. 15
  16. 16
  17. 17
  18. 18
  19. 19
  20. 20
  21. 21
  22. 22
  23. 23
  24. 24
  25. 25
  26. 26
  27. 27
  28. 28
  29. 29
  30. 30
  31. 31
  32. 32
  33. 33
  34. 34
  35. 35
  36. 36
  37. 37
  38. 38
  39. 39
  40. 40
  41. 41
  42. 42

Itestamente Elidala

Itestamente Elisha

Ujobe 23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UJobe uphendula inkulumo yesithathu ka-Elifazi: ukhala ngokubeka indaba yakhe phambi kukaNkulunkulu

1. Wayesephendula uJobe, wathi:

2. “Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu;isandla sami siyasinda ngokububula kwami.

3. Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi,ngize ngifike endlini yakhe,

4. ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe,ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.

5. Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo,ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.

6. Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na?Cha, ubeyakubhekisa kimi.

7. Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

8. Kodwa bheka, ngiya empumalanga,kepha akakho,nasentshonalanga, kepha angimboni,

9. nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa;ujikela ngaseningizimu,kepha akabonakali.

10. Ngokuba uyayazi indlela yami;esengivivinyile,ngiyakuphuma njengegolide.

11. Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga.

12. Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

13. “Kodwa uyinto inye,ngubani ongambuyisa na?Okufisayo umphefumulo wakhe,lokho uyakwenza.

14. Uyakufeza engikumiselweyo;izinto eziningi ezinjalo zikuye.

15. Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe;lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.

16. NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami,uSomandla ungethusile,

17. ngokuba anginqunywanga,bungakafiki ubumnyama;wangifihlela ukuhlwa.