1. Wayesephendula uJobe, wathi:
2. “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo;nina nonke ningabaduduzi ababi.
3. Amazwi angumoya nje awayikuphela yini?Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?
4. Nami ngingakhuluma njengani;uma imiphefumulo yenu ibisesikhundlenisomphefumulo wami,bengiyakuhlanganisa amazwi ngani,ngininikinele ikhanda lami.
5. Benginganiqinisa ngomlomo,induduzo yezindebe zami inidambise.
6. “Noma ngikhuluma,ubuhlungu bami abudanjiswanga;noma ngiyeka,kuyini okumuka kimi na?
7. Kepha manje ungikhathazile,uyichithile yonke indlu yami.
8. Ungicindezele, kungubufakazi;ukonda kwami kuyangivukela,kufakaze ebusweni bami.
9. Ulaka lwakhe luyangidwengula,lungizingele;uyangigedlela amazinyo;isitha sami singicijisela amehlo aso.
10. Bangikhamisela imilomo yabo,bangimukula esihlathini ngenhlamba,bangihlanganyela.
11. UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,angiphonse esandleni sababi.
12. Ngangihlezi kahle, wangichoboza;wangibamba ngentamo,wangiphahlaza;wangimisa ngibe yisigcibisholo.
13. Abacibishelayo bakhe bangihaqa;uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;uchithela inyongo yami emhlabathini.
14. Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,angidumele njengeqhawe.
15. “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.ngingcolisile uphondo lwami othulini.
16. Ubuso bami bubomvu ngokukhala;ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,
17. noma kungekho ubudlova ezandleni zaminokukhuleka kwami kulungile.
18. Mhlaba, ungathukusi igazi lami;ukukhala kwami makungabi nandawo.
19. Namanje bheka,ufakazi wami usezulwini;ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
20. Abangane bami bayangiklolodela;iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu
21. ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulunendodana yomuntu kumakhelwane wayo.
22. Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa,ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.