1. Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.
2. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.
3. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”
4. Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
5. Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,
6. wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,zikuthwale ngezandla,ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
7. UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
8. USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
9. wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
10. Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
11. USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
12. Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
13. Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
14. ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
15. “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetalingaselwandle ngaphesheya kweJordani,iGalile labezizwe,
16. isizwe esasihlezi ebumnyamenisibonile ukukhanya okukhulu,nababehlezi ezweni nasethunzini lokufakuphumele kubo ukukhanya.”
17. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
18. UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi.
19. Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
20. Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
21. Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza.
22. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
23. UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
24. Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.
25. Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.