Izahluko

  1. 1
  2. 2
  3. 3
  4. 4
  5. 5
  6. 6
  7. 7
  8. 8
  9. 9
  10. 10
  11. 11
  12. 12
  13. 13

Itestamente Elidala

Itestamente Elisha

Kumaheberu 1 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UKristu mkhulu kunezingelosi zonke

1. UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,

2. ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.

3. Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

4. seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.

UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu

5. Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“UyiNdodana yami wena,namuhla ngikuzele,” na?nokuthi:“Ngiyakuba nguYise kuyona,yona ibe yiNdodana kimina,” na?

6. Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”

7. Ngezingelosi uthi:“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”

8. Kepha ngeNdodana uthi:“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,singesaphakade naphakade;intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

9. Uthandile ukulunga,wazonda ububi;ngalokho-ke uNkulunkulu,uNkulunkulu wakho,ukugcobile ngamafutha enjabulongaphezu kwabafowenu,”

10. nokuthi:“Wena Nkosi,ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;amazulu angumsebenzi wezandla zakho.

11. Wona ayakubhubha,kepha wena umi njalo;wona onke ayakuguga njengengubo.

12. Njengesambatho uyakuwagoqonga,njengengubo ayakuguquka.Kepha wena unguye njalo,iminyaka yakho ayiyukuphela.”

13. Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngenze izitha zakhozibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?

14. Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?