Izahluko

  1. 1

Itestamente Elidala

Itestamente Elisha

3 Kajohane 1 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Isibingelelo

1. Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.

2. Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.

3. Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho, njengokuba uhamba eqinisweni.

Ukungenisa abazalwane

4. Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.

5. Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo

6. abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu;

7. ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe.

8. Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.

Isibonelo esihle nesibi

9. Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina.

10. Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.

11. Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.

12. UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.

Isigcino

13. Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki* nosiba;

14. kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.

15. Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.